. Isakhiwo siwukubumbeka kwendaba kusukela ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni. Isakhiwo sinamabanga amathathu okyisingeniso ( isethulo) , umzimba, isiphetho. Kulamabanga amathathu kunamagatsha akhona.
Isingeniso (isethulo)
. Wethula umlingiswa ongummeleli or oyiqhawe lenoveli.
. Ukusethulela isisusa sodweshu nenkinga abhekene nayo umlingiswa ongummeleli.
. Ukusethulela isizinda indawo lapho indaba izogxila khona.
. Ukubhebhetheka kodweshu... Umlingiswa oyiqhawe uzama ukuxazulula inkinga kuphinde kwande ezinye izinkinga. Kulesigaba izinkinga ziqale ukwanda kakhulu zize zengamele kwabanye abalingiswa.
. Isixakaxaka... Kulesigaba Indaba isuke isihlangene usuba nemibuzo eminingi yokudideka ukuthi kazi sekwenzakalani or kuzokwenzakalani ngomlingiswa othile lapho akube kusavuma ukuthi incwadi uyibeke phansi ngenxa yokuba nelukuluku lokufunda. Lapho indaba isuke isibheke kuvuthondaba.
uVuthondaba... Kulesigaba imibuzo umfundi asuke enayi esigabeni esingenhla iyaphenduleka. Umlingiswa oyiqhawe kusuke sekucaca ukuthi kuzokwenzakalani ngaye.
Iso lokujeqeza... Kulesigaba umbhali usuke esikhumbuza ngezigameko ezenzeke ngaphambi kokuba indaba iqale. Kusuke kuyizigameko esitshelwa ngazo ezingenzakalanga Indaba ngenkathi ifundwa.
. Iso lokubukeza... Kulesigaba umbhali usuke esikhumbuza ngezigameko ezenzekile endabeni ngenkathi umfundi eyifunda.
. Ibohlololo... Kulesigaba Indaba isuke isingakhuli , isuke isiya ekupheleni.
Ingwijikhwebu... Kulesigaba umbhali usuke esesivezele isenzo ebesingalindelekile ukuba indaba ingaphetheka ngalendlela.
Umfundi kumele asichaze isakhiwo ukuba umbhali ukwazile yini ukubumba indaba yakhe.
Isibonelo sokuphendulo loMbuzo kuma comments
Kulenoveli sethulelwa umlingiswa ongummeleli Noma oyiqhawe okungu Mhlengi/Mahlengi. Lomlingiswa ubhekene nenkinga eyisisusa sodweshu . UMhlengi ubhekene nesinqumo sokuyoshintsha ubulili aphile njengomuntu wesifazane , unenkinga yokuthanda ubulili obufana nobakhe. UMhlengi uhamba uyoshintsha ubulili eKapa ubuya esengumuntu wesifazane osezoqala impilo yakhe kabusha efulethini eliseThekwini.
Sigxila kakhulu ekubhebhethekeni kodweshu, isixakaxaka, uVuthondaba. UKUBHEBHETHEKA KODWESHU UXolani ushela uMahlengi emveni kokuba bahlangane eMhlanganweni wosomabhizinisi abasafufusa. uMahlengi ushelwa uXolani kanti uthandana noNdumiso kanti noXolani naye useganiwe nguLungile. uLungile usenezinsolo naye zokuthi isoka lakhe seliyajola ngoba nakhu lifike linuka isqholo sabantu besifazane futhi lilokhu lihhema isoka lakhe libiza igama likaMahlengi. UNdumiso uxabana nentombi yakhe uMahlengi aseyisola ukuthi iyamjolela ngoba kuze kwakhala nocingo ekhona kufona uXolani.
UNontobeko uziphonsa emotweni eyayihamba uNkululeko ngenxa yokwaliwa yisoka lakhe ayelithanda kakhulu uMhlengi. UNontobeko uthandana noNkululeko emveni kokuba elokhu ezomcinga esibhedlela ukuba akakalulami , baze bathembisana umshado. UNontobeko uduba umshado ngobusuku obandulela umshado uyahamba uyothungatha uMhlengi okuwuyena owayesemuzwa ezinzweni zothando. uNkululeko uyahluleka ukuphila uyazibulala ngenxa yokushiywa uNontobeko. UNontobeko uyahamba uya eGcilima ukuyothungatha uMhlengi ufica uNgidi okungubaba kaMhlengi, owase ezidelile ngendaba kaMhlengi. UNgidi noNontobeko bayahamba bayothungatha uMhlengi eThekwini naseMlazi kumngani wakhe kepha abamtholi sebeze beqasha umsesh ozimele uShezi ukuba kube wuye ofuna uMhlengi. UNdumiso akanamali umsebenzi akawutholi intombi yakhe useze esole ukuba iyajola. UNdumiso uhlangana nomngani wak
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |